Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abantu
UGenesise 2 : 7
7 INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.
UGenesise 1 : 26
26 UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke.
UGenesise 1 : 27
27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
Leave a Reply