zonke izikhali zikaNkulunkulu

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo zonke izikhali zikaNkulunkulu

Kwabase-Efesu 6 : 11
11 Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.

2 kuThimothewu 4 : 3 – 4
3 Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;
4 njalo bazafulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphendukele ezinganekwaneni.

Johane 20 : 19 – 23
19 Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.
20 Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi.
21 Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.
22 Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;
23 Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe.

IsAmbulo 12 : 9
9 Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.

Johane 8 : 32
32 Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.

Kwabase-Efesu 6 : 11 – 18
11 Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
12 Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo.
13 Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
14 Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga;
15 Enyaweni zenu zigqokiswe ukulungela ivangeli lokuthula;
16 phezu kwakho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi.
17 Nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu;
18 ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *