Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo yahweh
IsAmbulo 1 : 8
8 Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
UGenesise 1 : 26
26 UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke.
Johane 4 : 24
24 UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bamelwe ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
U-Isaya 41 : 4
4 Ngubani owakwenza wakwenza ngokubiza izizukulwane kusukela ekuqaleni? Mina, Jehova, owokuqala nowokugcina; nginguye.
Mathewu 4 : 14
14 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi uIsaya ukuthi:
Leave a Reply