abangakholelwa kuNkulunkulu

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abangakholelwa kuNkulunkulu

KwabaseRoma 1 : 18 – 20
18 Ngokuba ulaka lukaNkulunkulu luyabonakaliswa luvela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abaphatha iqiniso ngokungalungi;
19 Ngokuba lokho okwaziwayo ngoNkulunkulu kusobala kubo; ngoba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo.
20 Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba;

KwabaseRoma 12 : 2
2 Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.

1 kwabaseThesalonika 5 : 21 – 22
21 Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.
22 Dedani kukho konke okubi.

KwabaseRoma 10 : 17
17 Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.

KwabaseRoma 1 : 20
20 Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba;

Johane 8 : 31 – 32
31 Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;
32 Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.

Amahubo 14 : 1
1 Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.

Mathewu 25 : 46
46 Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.

KumaHeberu 6 : 4 – 6
4 Ngokuba akunakwenzeka ngalabo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,
5 Futhi balinambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo.
6 Uma behlubuka, babuye bavuselelwe ekuphendukeni; njengoba sebezibethela kabusha iNdodana kaNkulunkulu, futhi bayithela ngehlazo obala.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *