abamatasatasa

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abamatasatasa

1 kuThimothewu 5 : 13
13 Futhi phezu kwalokho bafunda ukuvilapha, bezulazula izindlu ngezindlu; futhi kabayivilaphi kuphela, kodwa futhi izihlebi, nabangena shi, bekhuluma okungafanele.

2 kwabaseThesalonika 3 : 11
11 Ngokuba siyezwa ukuthi bakhona phakathi kwenu abahamba ngokungafanele, bengasebenzi nhlobo, kodwa begaya izibozi.

1 kwabaseThesalonika 4 : 11
11 nokuba nikhuthalele ukuthula, nenze izindaba zenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengalokho saniyala;

1 kaPetru 4 : 15
15 Kodwa makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engumenzi wokubi, noma engugaxekile ezindabeni zabanye;

Izaga zikaSolomoni 20 : 3
3 Kuludumo kumuntu ukuyeka ukuxabana, kepha zonke iziwula ziyagxambukela.

2 kwabaseThesalonika 3 : 6
6 Kepha siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nihlukane nabo bonke umzalwane ohamba ngokungafanele, kungengokwesiko elawamukela kithi.

1 kuThimothewu 5 : 8
8 Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

Izaga zikaSolomoni 24 : 2
2 Ngokuba inhliziyo yabo ifunda ukonakala, nezindebe zabo zikhuluma okubi.

Izaga zikaSolomoni 18 : 9
9 Owephuzayo emsebenzini wakhe ungumfowabo womchithi omkhulu.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *