Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abahlengikazi
KwabaseRoma 12 : 13
13 Yabelani abangcwele ekuswelekeni; emukela izihambi.
Luka 9 : 2
2 Wabathuma ukuthi bashumayele umbuso kaNkulunkulu, baphulukise abagulayo.
Mathewu 25 : 35 – 40
35 Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa;
36 Nginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangiboshiwe, neza kimi.
37 Khona bayakuyiphendula abalungileyo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla na? noma womile, sakuphuzisa na?
38 Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa endlini, na? noma uhamba ze, sakwembathisa na?
39 Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe na?
40 Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
URuthe 2 : 12
12 UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.
Leave a Reply