Lithini iBhayibheli uZebedewu – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana uZebedewu

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo uZebedewu

Mathewu 4 : 21
21 Eqhubeka esuka lapho wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wasebabiza.

Mathewu 20 : 20
20 Kwase kufika kuye unina wamadodana kaZebedewu namadodana akhe, wakhuleka, ecela into kuye.

Mathewu 27 : 56
56 phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu.

Marku 1 : 20
20 Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *