Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo uvuko lokuqala
IsAmbulo 20 : 5
5 Kepha abanye abafileyo ababuyanga baphile, yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala.
1 kwabaseThesalonika 4 : 13 – 18
13 Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.
14 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.
15 Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo.
16 Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
17 Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
18 Ngakho duduzanani ngalawamazwi.
IsAmbulo 20 : 6
6 Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; phezu kwabanjalo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
Johane 6 : 50 – 71
50 Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.
51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
52 Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?
53 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.
54 Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina.
55 Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.
56 Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.
58 Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
59 Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume.
60 Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?
61 UJesu ekwazi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi kubo: “Lokhu kuyanicasula na?
62 Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?
63 Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.
64 Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela.
65 Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
66 Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
67 Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?
68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
70 UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na?
71 Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.
Mathewu 27 : 52
52 Amathuna avuleka; nemizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka;
UDaniyeli 12 : 2
2 Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade.
Leave a Reply