Lithini iBhayibheli Igama – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Igama

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Igama

Izaga zikaSolomoni 22 : 1
1 Igama elihle lingcono ukukhetha kunengcebo eningi, nomusa kunesiliva negolide.

Umshumayeli 7 : 1
1 Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu.

U-Isaya 62 : 2
2 Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho, wena ubizwe ngegama elisha oyakulibiza ngomlomo kaJehova.

UGenesise 17 : 5
5 Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho liyakuba ngu-Abrahama; ngoba ngikwenze uyise wezizwe ezinengi.

UGenesise 17 : 15
15 UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho, ungambizi ngokuthi uSarayi, kepha igama lakhe liyakuba nguSara.”

UGenesise 32 : 28
28 Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli;

Hoseya 1 : 4
4 UJehova wathi kuye: “Mbize ngokuthi uJizreyeli; ngoba kuseyisikhashana nje ngiphindisele igazi laseJizreyeli endlini kaJehu, ngiqede ubukhosi bendlu yakwa-Israyeli.

Hoseya 1 : 6
6 Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuye: “Mbize ngokuthi uLoruhama, ngokuba angisayikuba nomusa kuyo indlu yakwa-Israyeli; kodwa ngizabasusa ngokupheleleyo.

Hoseya 1 : 9
9 UNkulunkulu wathi: “Mbize ngokuthi uLoami, ngokuba anisibo abantu bami, nami angiyikuba nguNkulunkulu wenu;

Hoseya 2 : 1
1 Yishoni kubafowenu ukuthi: ‘Ami! nakodadewenu uRuhama.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *