Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Idikoni
IzEnzo 6 : 6
6 ababeka phambi kwabaphostoli; sebekhulekile babeka izandla phezu kwabo.
1 kuThimothewu 3 : 13
13 Ngokuba abakhonze kahle bazizuzela udumo oluhle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.
Mathewu 23 : 11
11 Kodwa omkhulu phakathi kwenu kabe yinceku yenu.
Johane 12 : 26
26 Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Marku 10 : 43
43 Kodwa kungabi njalo phakathi kwenu, kodwa loba ngubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kabe yisikhonzi senu;
1 kwabaseKorinte 3 : 5
5 Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo?
1 kwabaseThesalonika 3 : 2
2 sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu, nesisebenzi kanye nathi evangelini likaKristu, ukuze aniqinise, aniduduze ekukholweni kwenu;
Leave a Reply