Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo i-eschatology
Mathewu 24 : 1 – 51
1 UJesu waphuma wamuka ethempelini; abafundi bakhe beza kuye ukumbonisa izakhiwo zethempeli.
2 UJesu wathi kubo: “Aniziboni zonke lezi zinto na? ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.
3 Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na?
4 UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu.
5 Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi.
6 Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki;
7 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
8 Konke lokhu kungukuqala kwemihelo.
9 Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
10 Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane.
11 Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.
12 Nangenxa yokwanda kobubi, uthando lwabaningi luyophola.
13 Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14 Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.
15 Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)
16 Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni;
17 Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe;
18 Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha izingubo zakhe.
19 Maye kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku!
20 Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha;
21 Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.
22 Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.
23 Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya; ningakholwa.
24 Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.
25 Bhekani, nginitshelile ngaphambili.
26 Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa.
27 Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
28 Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.
29 Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.
30 Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.
31 Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.
32 Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze;
33 Kanjalo nani, nxa nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.
34 Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.
35 Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
36 Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela.
37 Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
38 Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,
39 futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
40 Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe.
41 Abesifazane ababili bayakube besila etsheni; omunye athathwe, omunye ashiywe.
42 Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi.
43 Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe.
44 Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.
45 Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
46 Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo.
47 Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.
48 Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika;
49 uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa;
50 Inkosi yaleyonceku izafika ngosuku engayibheki ngayo, langehola engasiloyo.
51 Iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.
1 kwabaseThesalonika 4 : 13 – 18
13 Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.
14 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.
15 Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo.
16 Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
17 Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
18 Ngakho duduzanani ngalawamazwi.
Johane 14 : 3
3 Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.
IsAmbulo 20 : 10
10 USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
KumaHeberu 9 : 28
28 Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.
Mathewu 25 : 31 – 46
31 Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.
32 Kuyakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi;
33 Iyakumisa izimvu ngakwesokunene sayo, kodwa izimbuzi ngakwesokhohlo.
34 Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
35 Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa;
36 Nginqunu, nangembathisa; ngangigula, nangihambela; ngangiboshiwe, neza kimi.
37 Khona bayakuyiphendula abalungileyo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, sakupha ukudla na? noma womile, sakuphuzisa na?
38 Sakubona nini ungumfokazi, sakungenisa endlini, na? noma uhamba ze, sakwembathisa na?
39 Sakubona nini ugula, noma usetilongweni, seza kuwe na?
40 Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
41 Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
42 Ngokuba ngangilambile, kepha aninginikanga ukudla;
43 ngangingumfokazi, aningingenisanga; nginqunu, aningigqokisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambelanga.
44 Khona bayakumphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungowezizwe, noma uhamba-ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga?
45 Khona izabaphendula, ithi: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba lingakwenzanga komunye walaba abancinyane, kalikwenzanga kimi.
46 Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.
Leave a Reply