Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo I-Ekaristi
Mathewu 26 : 30
30 Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.
Marku 14 : 24
24 Wasesithi kubo: Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elichithelwa abanengi.
Luka 22 : 20
20 Kanjalo nenkezo emva kokudla kwakusihlwa, ethi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululwa ngenxa yenu.
Johane 13 : 4
4 Wasukuma ekudleni, wabeka izingubo zakhe; wathatha ithawula, wabhinca.
Luka 13 : 26
26 Khona niyakuqala ukuthi: ‘Sadla, saphuza phambi kwakho, wafundisa emigwaqweni yakithi.’
IzEnzo 2 : 42
42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
IzEnzo 2 : 47
47 Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
IzEnzo 20 : 7
7 Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.
1 kwabaseKorinte 10 : 17
17 Ngokuba thina esibaningi siyisinkwa sinye, simzimba munye, ngokuba thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye.
1 kwabaseKorinte 10 : 22
22 Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?
1 kwabaseKorinte 11 : 34
34 Uma umuntu elambile, akadle ekhaya; ukuze lingabuthani ekulahlweni. Okuseleyo ngizakulungisa nxa ngifika.
Leave a Reply