Lithini iBhayibheli i-ekaristi – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana i-ekaristi

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo i-ekaristi

Johane 15 : 13
13 Akakho onothando olukhulu kunalolu, lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe.

Mathewu 4 : 7
7 UJesu wathi kuye: Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.

Luka 22 : 19
19 Wasethatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, esithi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa lina; lokhu kwenzeni ukungikhumbula.

Johane 6 : 53
53 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.

Johane 6 : 55 – 59
55 Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.
56 Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.
58 Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
59 Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume.

1 kwabaseKorinte 11 : 26
26 Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa, niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

Luka 24 : 30 – 31
30 Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.
31 Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo.

Johane 6 : 47 – 50
47 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.
48 Mina ngiyisinkwa sokuphila.
49 Oyihlo badla imana ehlane, bafa;
50 Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.

Johane 6 : 58
58 Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.

1 kwabaseKorinte 11 : 20
20 Ngakho nxa nibuthana endaweni eyodwa, lokhu akusikho ukudla isidlo seNkosi;

Luka 22 : 20
20 Kanjalo nenkezo emva kokudla kwakusihlwa, ethi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululwa ngenxa yenu.

Johane 18 : 11
11 Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba yakho esikhwameni;

2 kuThimothewu 1 : 6
6 Ngalokho ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe ngokubeka izandla zami.

1 kwabaseKorinte 11 : 1 – 2
1 Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.
2 Kepha ngiyanidumisa, bazalwane, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nigcina izimiso, njengalokho nganinika zona.

IzEnzo 2 : 38
38 UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *