Lithini iBhayibheli I-Eclipse – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana I-Eclipse

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo I-Eclipse

U-Isaya 13 : 10
10 Ngokuba izinkanyezi zezulu nemilaza yawo akuyikukhanyisa; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayiyikukwenza ukukhanya kwayo kukhanye.

UHezekeli 32 : 8
8 Ngiyakwenza zonke izinkanyiso ezikhanyayo zasezulwini zibe mnyama phezu kwakho nobumnyama phezu kwezwe lakho, isho iNkosi uJehova.

UJoweli 2 : 10
10 Umhlaba uyazamazama phambi kwabo; izulu liyakuthuthumela, ilanga nenyanga kube mnyama, nezinkanyezi zisuse ukukhanya kwazo.

UJoweli 2 : 31
31 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.

UJoweli 3 : 15
15 Ilanga nenyanga kuyoba mnyama, nezinkanyezi ziyosusa ukukhanya kwazo.

U-Amose 8 : 9
9 Ngalolo suku, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini bebade, ngenze ubumnyama emhlabeni emini libalele.

UMika 3 : 6
6 Ngalokho ubusuku buyakuba kini, ningabi nakubona; kuyakuba mnyama kini, ukuze ningabhuli; ilanga liyoshona kubaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo.

Mathewu 24 : 29
29 Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.

Marku 13 : 24
24 Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.

IzEnzo 2 : 20
20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo;

IsAmbulo 6 : 13
13 Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla.

U-Isaya 60 : 19
19 Ilanga alisayikuba ngukukhanya kwakho emini; nenyanga ayiyikukukhanyisela, kepha uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe yinkazimulo yakho.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *