Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo I-Bul
1 Amakhosi 6 : 38
38 Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga kaNkunzi, eyinyanga yesishiyagalombili, yaqedwa indlu kuzo zonke izici zayo nangokwendlela yayo yonke. Ngakho wachitha iminyaka eyisikhombisa eyakha.
1 Amakhosi 12 : 33
33 Wanikela ngomhlatshelo e-altare alenzayo eBethele ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, ngenyanga abeyicabangile kweyakhe inhliziyo; walungisela abantwana bakwa-Israyeli idili, walibeka e-altare, wanyusa impepho.
1 IziKronike 27 : 11
11 Owesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibhegayi umHusha wamaSarigi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
Leave a Reply