Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo I-Bahurim
2 Samuweli 3 : 16
16 Indoda yakhe yahamba naye ikhala emva kwakhe kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuye: “Hamba, ubuye.” Wabuya.
2 Samuweli 16 : 5
5 Lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma indoda yomndeni wendlu kaSawule, igama layo linguShimeyi indodana kaGera;
2 Samuweli 17 : 18
18 Kepha umfana wababona, watshela u-Abisalomu; kepha bashesha bobabili, bafika endlini yomuntu eBahurimi, owayenomthombo egcekeni lakhe; lapho behla khona.
2 Samuweli 19 : 16
16 UShimeyi indodana kaGera, umBenjamini, waseBahurimi, wehla masinyane namadoda akwaJuda ukuyohlangabeza inkosi uDavide.
1 Amakhosi 2 : 8
8 Bheka, unawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngesiqalekiso esibi mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza eJordani, ngafunga kuye uJehova, ngathi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’
Leave a Reply