Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo i-altare
UGenesise 8 : 20 – 22
20 UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.
21 INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.
22 Umhlaba usekhona, ukuhlwanyela nokuvuna, amakhaza, nokushisa, nehlobo, nobusika, nemini nobusuku, akuyikunqamuka.
IsAmbulo 6 : 9 – 11
9 Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.
10 Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?
11 Base benikwa bonke izingubo ezimhlophe; Kwathiwa kubo ukuthi basaphumule isikhashana, kuze kugcwaliseke nezinceku ezikanye nabo nabafowabo ababezobulawa njengabo.
Leave a Reply