Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo I-Achor
UJoshuwa 7 : 26
26 Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.
UJoshuwa 15 : 7
7 Umkhawulo wenyukela eDebhiri usuka esigodini sase-Agori, waya ngasenyakatho malungana neGiligali, engaphambi kommango oya e-Adumimi eseningizimu yoMfula; Ukuphuma kwawo kwakuse-Enrogeli.
U-Isaya 65 : 10
10 Futhi iSharoni iyoba yizibaya nesigodi sase-Agori sibe yindawo yezinkomo yabantu bami abangifunile.
Hoseya 2 : 15
15 Ngiyakumnika khona izivini zakhe nesigodi sase-Akori njengomnyango wethemba; iyohlabelela lapho njengasezinsukwini zobusha bayo nanjengasosukwini lokukhuphuka kwayo iphuma ezweni laseGibithe.
Leave a Reply