Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Hosheya
UNumeri 13 : 8
8 Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHoseya indodana kaNuni.
UNumeri 13 : 16
16 Lawa angamagama amadoda uMose awathuma ukuba ahlole izwe. UMose wabiza uHoseya, indodana kaNuni, ngokuthi uJoshuwa.
UDuteronomi 32 : 44
44 UMose weza wakhuluma onke amazwi ale ngoma ezindlebeni zabantu, yena noHoseya, indodana kaNuni.
1 IziKronike 27 : 20
20 Kubantwana bakwa-Efrayimi: nguHoseya indodana ka-Asaya; enxenyeni yesizwe sakwaManase: nguJoweli indodana kaPhedaya;
2 Amakhosi 15 : 30
30 UHoseya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka, indodana kaRemaliya, wamehlula, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.
2 Amakhosi 17 : 2
2 Wenza okubi emehlweni kaJehova, kodwa kungenjengamakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe.
2 Amakhosi 17 : 3
3 UShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka wamelana naye; uHoseya waba yinceku yakhe, wamnika izipho.
2 Amakhosi 17 : 4
4 Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHoseya, ngokuba yathuma izithunywa enkosini yaseGibithe, ingalethi isipho enkosini yase-Asiriya njengokwenza kwakhe iminyaka ngeminyaka; ngalokho inkosi yase-Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni.
2 Amakhosi 17 : 6
6 Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHoseya inkosi yase-Asiriya yalithumba iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala naseHabori ngasemfuleni iGoshani nasemizini yamaMede.
2 Amakhosi 18 : 12
12 Ngoba kabalilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wabo, kodwa basephula isivumelwano sakhe lakho konke uMozisi inceku ye Nkosi ayekuyale ngakho, kabalalelanga, kabakwenzanga.
Hoseya 10 : 3
3 Ngokuba manje bayakuthi: ‘Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; khona-ke inkosi ingasenzani?
Hoseya 10 : 7
7 ISamariya inkosi yalo iqunyiwe njengegwebu emanzini.
UNehemiya 10 : 23
23 uHoseya, uHananiya, uHashubi,
Leave a Reply