Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo hadesi
IsAmbulo 1 : 18
18 Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.
Luka 16 : 23
23 Esihogweni saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sabona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.
IsAmbulo 19 : 20
20 Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.
IsAmbulo 20 : 13
13 Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
IzEnzo 2 : 27
27 Ngoba kawuyikutshiya umphefumulo wami esihogweni, njalo kawuyikunikela oNgcwele wakho ukuthi abone ukubola.
IsAmbulo 20 : 14
14 Ukufa nesihogo kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili.
Mathewu 16 : 18
18 Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.
Leave a Reply