Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Hadadezer
2 Samuweli 8 : 13
13 UDavide wazenzela igama ekubuyeni kwakhe ekubulaleni ama-Aramu esiGodini Sikasawoti, abantu abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.
2 Samuweli 10 : 19
19 Lapho wonke amakhosi, izinceku zikaHadadezeri, ebona ukuthi anqotshiwe phambi kuka-Israyeli, enza ukuthula no-Israyeli, abakhonza. Ngakho ama-Aramu esaba ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.
1 Amakhosi 11 : 23
23 UNkulunkulu wamvusela omunye omelene naye, uReshoni, indodana ka-Eliyada, owabaleka enkosini yakhe uHadadezeri, inkosi yaseSoba.
1 IziKronike 18 : 10
10 Wathuma indodana yakhe uHadoramu enkosini uDavide ukuba ibuze ukuphila kwayo nokuyihalalisela, ngokuba yalwa noHadarezeri, yamnqoba; (ngokuba uHadadezeri walwa emelene neTowu) enezinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.
1 IziKronike 19 : 19
19 Lapho izinceku zikaHadadezeri zibona ukuthi zinolaka phambi kuka-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zaba yizinceku zakhe; ama-Aramu awabange esabasiza abantwana bakwa-Amoni.
Leave a Reply