Lithini iBhayibheli ezulwini – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ezulwini

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ezulwini

Johane 14 : 2
2 Emzini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela. Ngiya ukunilungisela indawo.

IsAmbulo 22 : 1 – 5
1 Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.
2 Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya izizwe.
3 Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;
4 Bayakubona ubuso bakhe; negama lakhe liyakuba semabunzini azo.
5 Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.

IsAmbulo 21 : 4
4 UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.

Luka 23 : 43
43 UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.

KumaHeberu 11 : 16
16 Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

IsAmbulo 21 : 22 – 27
22 Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke neWundlu bayithempeli lawo.
23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.
24 Izizwe zabasindiswayo ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo inkazimulo nodumo lwawo.
25 Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho.
26 Bayakungenisa kuwo inkazimulo nodumo lwezizwe.
27 Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.

1 kwabaseKorinte 2 : 9
9 Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.

IsAmbulo 21 : 1
1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.

Johane 3 : 13
13 Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.

2 kaPetru 3 : 13
13 Kepha thina ngokwesithembiso sakhe silindele amazulu amasha nomhlaba omusha okuhlala kukho ukulunga.

KumaHeberu 13 : 14
14 Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo.

IsAmbulo 21 : 21 – 25
21 Amasango ayishumi nambili ayengamaparele ayishumi nambili; isango ngalinye lalingeleparele linye, nesitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo njengengilazi ekhanyayo.
22 Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke neWundlu bayithempeli lawo.
23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.
24 Izizwe zabasindiswayo ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo inkazimulo nodumo lwawo.
25 Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho.

Johane 3 : 16
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

IsAmbulo 21 : 18
18 Isakhiwo sogange lwawo kwakuyijaspi, nomuzi wawuyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ecwebezelayo.

IsAmbulo 21 : 27
27 Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.

IsAmbulo 21 : 1 – 5
1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.
2 Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.
3 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.
4 UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.
5 Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.

Mathewu 25 : 46
46 Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.

IsAmbulo 21 : 19
19 Izisekelo zogange lomuzi zazihlotshiswe ngawo wonke amatshe anenani. Isisekelo sokuqala sasiyijaspi; eyesibili isafire; eyesithathu ikalkedoni; eyesine iyisimaragidu;

KumaHeberu 12 : 22 – 24
22 Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
23 Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,
24 nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *