Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Ezra
Ezra 7 : 6
6 U-Ezra lo wenyuka evela eBhabhiloni; futhi wayengumbhali ohlakaniphile emthethweni kaMose uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayewunike wona;
Ezra 7 : 10
10 U-Ezra walungisa inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova nokuwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.
Ezra 7 : 21
21 Futhi nami, nkosi u-Aritahishashita, ngiyaleza bonke abaphathi-zimali abangaphesheya komfula ukuthi konke u-Ezra umpristi, isazi somthetho kaNkulunkulu wezulu, ayakukubuza kini, makwenziwe masinyane;
UNehemiya 12 : 36
36 Abafowabo, oShemaya, no-Asareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, benezinsimbi zokubethwa zikaDavide umuntu kaNkulunkulu, no-Ezra, umbhali, phambi kwabo.
Ezra 8 : 21
21 Ngase ngimemezela khona ngasemfuleni i-Ahawa usuku lokuzila ukudla, ukuze sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizifunele kuye indlela eqondileyo thina nabantwana bethu nempahla yethu yonke.
Ezra 7 : 8
8 Wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, ngonyaka wesikhombisa wenkosi.
Ezra 8 : 29
29 Kulindeni, nikugcine, nize nikukale phambi kwabapristi abakhulu namaLevi nezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli eJerusalema, emakamelweni endlu kaJehova.
Ezra 9 : 15
15 Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sisaphunyukile njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho eziphambekweni zethu, ngokuba ngalokho asinakuma phambi kwakho.
Ezra 10 : 17
17 Base beqeda wonke amadoda athatha abafazi bezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
UNehemiya 12 : 43
43 Basebesenza imihlatshelo emikhulu ngalolosuku, bathokoza, ngoba uNkulunkulu wabenza ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwaze kwazwakala ukuthokoza kweJerusalema kude.
UNehemiya 12 : 1
1 Laba bangabapristi namaLevi abenyuka noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: uSeraya, noJeremiya, no-Ezra,
Leave a Reply