Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ezonda umuntu
Luka 6 : 27 – 36
27 Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabalizondayo;
28 Babusiseni abaniqalekisayo, nibakhulekele abaniphatha kabi.
29 Okushaya esihlathini mnike nesinye; nokwephuca ingubo yakho, ungamaleli nengubo yakho.
30 Muphe wonke umuntu ocela kuwe; nokwaphuca impahla yakho, ungabuyi uyicele kuye.
31 Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo.
32 Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo.
33 Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo.
34 Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho.
35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
36 Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu.
KwabaseRoma 12 : 19
19 Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
1 kuThimothewu 5 : 8
8 Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
1 kaJohane 3 : 15
15 Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
Luka 10 : 27
27 Yena a araba, a re: O tla rata Jehova, Modimo wa hao, ka pelo ya hao yohle, le ka moya wa hao wohle, le ka matla a hao wohle, le ka kgopolo ya hao yohle. Le wa heno jwalokaha o ithata.
Luka 14 : 26
26 Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.
KwabaseRoma 8 : 18
18 Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezakwambulwa kithi.
1 kaJohane 2 : 9
9 Lowo othi usekukhanyeni, kodwa ezonda umzalwane wakhe, usebumnyameni kuze kube manje.
Mathewu 5 : 1 – 48
1 Wathi ebona izixuku wenyukela entabeni;
2 Wasevula umlomo wakhe, wabafundisa, wathi:
3 Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
4 Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa.
5 Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
6 Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.
7 Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
8 Babusisiwe abahlanzekile enhliziyweni, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.
9 Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu.
10 Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.
11 Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
12 Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.
13 Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu.
14 Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.
15 Futhi abantu abasosi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha, kodwa basibeke othini; futhi ikhanyisela bonke abasendlini.
16 Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
17 Ningacabangi ukuthi ngize ukuchitha umthetho noma abaprofethi; angizanga ukuchitha, kodwa ukugcwalisa.
18 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
19 Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
20 Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
21 Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungabulali; nobulalayo uyakuba necala lokwahlulelwa.
22 Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.
23 Ngakho uma uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe;
24 Shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe; qala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.
25 Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.
26 Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze uphume lapho, uze ukhokhe ifadingi lokugcina.
27 Nizwile kwathiwa kwabasendulo: Ungaphingi;
28 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
29 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle;
30 Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle;
31 Kwathiwa: Loba ngubani owala umkakhe, kamnike incwadi yesehlukaniso;
32 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, umenza ukuba aphinge;
33 “Nizwile kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi, kepha ugcwalise izifungo zakho eNkosini;
34 Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye; noma ngezulu; ngoba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu;
35 Noma ngomhlaba; ngoba uyisenabelo senyawo zakhe: loba ngeJerusalema; ngoba kungumuzi weNkosi enkulu.
36 Futhi ungafungi ngekhanda lakho, ngokuba ungeke wenze unwele lube mhlophe noma lube mnyama.
37 Kodwa inkulumo yenu mayibe ngokuthi, Yebo, yebo; Cha, cha, ngokuba noma yini engaphezu kwalokhu ivela komubi.
38 Nizwile kwathiwa: Iso ngelihlo, nezinyo ngezinyo;
39 Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi;
40 Uma umuntu ethanda ukukumangalela, akuphuce ingubo yakho, myeke athathe nesambatho sakho;
41 Noma ngubani okuphoqa ukuba uhambe imayela elilodwa hamba naye abe mabili.
42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe.
43 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’
44 Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;
45 ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.
46 Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?
47 Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na?
48 Ngakho-ke yibani ngabaphelele, njengoba noYihlo osezulwini ephelele.
Kwabase-Efesu 2 : 8
8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
Johane 17 : 4
4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.
Mathewu 5 : 19
19 Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
UNumeri 31 : 3
3 UMose wakhuluma kubantu, wathi: “Hlomelani impi abanye benu, bahambe bahlasele abakwaMidiyani, baphindisele uJehova wakwaMidiyani.”
2 kaPetru 3 : 9
9 INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
Leave a Reply