Lithini iBhayibheli ezolimo – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ezolimo

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ezolimo

Mathewu 13 : 1 – 10
1 Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala ngaselwandle.
2 Kwabuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala; isixuku sonke sema ogwini.
3 Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
4 Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zayidla zayiqeda.
5 Enye yawela emadwaleni, lapho yayingenamhlaba omningi khona, yahle yamila, ngokuba yayingenamhlabathi ukujula;
6 Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna.
7 Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.
8 Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
9 Olendlebe zokuzwa makezwe.
10 Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?

1 kwabaseKorinte 3 : 6 – 9
6 Mina ngatshala, u-Apholo wanisela; kodwa uNkulunkulu wakhulisa.
7 Ngakho-ke otshalayo kalutho, noniselayo kalutho; kodwa uNkulunkulu okhulisayo.
8 Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe.
9 Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.

UGenesise 1 : 12
12 Umhlaba waveza utshani, nezitshalo ezithela imbewu ngezinhlobo zazo, nemithi ethela izithelo, ekuyo imbewu yayo ngezinhlobo zayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.

Hoseya 10 : 12
12 Zihlwanyeleleni ekulungeni, nivune ngomusa; qedani amadlelo enu, ngokuba sekuyisikhathi sokumfuna uJehova, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *