Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ezidukisa izingane
Mathewu 18 : 6 – 7
6 Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kungcono kuye ukuthi itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, acwiliswe ekujuleni kolwandle.
7 Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso!
Mathewu 6 : 5 – 8
5 Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
6 Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
7 Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
8 Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye.
Leave a Reply