Lithini iBhayibheli eThekhowa – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eThekhowa

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eThekhowa

2 IziKronike 11 : 6
6 Wakha neBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,

2 Samuweli 14 : 2
2 UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Zinike izingubo zokulila, wembathe ukulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane olilela ofileyo isikhathi eside;

2 Samuweli 14 : 4
4 UmkaThekhowa esekhuluma enkosini, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothamela, wathi: “Siza, nkosi!

2 Samuweli 14 : 9
9 UmkaThekhowa wasesithi enkosini: Nkosi yami, nkosi, ububi buphezu kwami laphezu kwendlu kababa, lenkosi lesihlalo sayo sobukhosi kakulacala.

2 IziKronike 11 : 6
6 Wakha neBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,

2 IziKronike 20 : 20
20 Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.

UNehemiya 3 : 5
5 Eceleni kwabo kwasinda abaseThekhowa; kodwa izikhulu zabo kazibekanga izintamo zabo emsebenzini weNkosi yabo.

UNehemiya 3 : 27
27 Ngemva kwalokho abaseThekhowa balungisa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumela ngaphandle kuze kufike odongeni lwase-Ofeli.

UJeremiya 6 : 1
1 Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *