Lithini iBhayibheli ekhuza – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ekhuza

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ekhuza

Mathewu 18 : 15 – 17
15 Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu.
16 Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe.
17 Uma engasezwa, tshela ibandla;

Izaga zikaSolomoni 27 : 5
5 Ukusolwa obala kungcono kunothando oluyimfihlo.

1 kuThimothewu 5 : 20
20 Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze labanye besabe.

2 kuThimothewu 3 : 16 – 17
16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;
17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

2 kuThimothewu 4 : 2
2 Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

KwabaseGalathiya 6 : 1
1 Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.

KuThithu 2 : 15
15 Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.

KumaHeberu 4 : 12
12 Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.

Izaga zikaSolomoni 1 : 23
23 Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.

1 kuThimothewu 5 : 1
1 Umdala ungamkhuzi, kodwa umkhuze njengoyihlo; namasha njengabafowabo;

Izaga zikaSolomoni 29 : 15
15 Uswazi lokusola kuyanika ukuhlakanipha, kodwa umntwana osele yedwa uhlazisa unina.

Izaga zikaSolomoni 27 : 6
6 Athembekile amanxeba omngane; kepha ukwanga kwesitha kuyinkohliso.

EkaJokobe 5 : 20
20 Mazi ukuthi obuyisa isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo ekufeni, asibekele izono eziningi.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *