Lithini iBhayibheli eKhupro – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eKhupro

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eKhupro

IzEnzo 21 : 3
3 Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.

IzEnzo 27 : 4
4 Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene.

IzEnzo 4 : 36
36 LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,

IzEnzo 11 : 20
20 Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.

IzEnzo 13 : 12
12 Khona umbusi ebona okwenzekileyo wakholwa, emangazwe isifundiso seNkosi.

IzEnzo 15 : 39
39 Kwaba khona ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana, uBarnabasi wamthatha uMarku, waya eKhupro ngomkhumbi;

IzEnzo 21 : 16
16 Kwasekuhamba lathi abanye babafundi baseKesariya, basisa kuMnasoni waseKhupro, obengumfundi omdala, ebesizangenisa kuye.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *