Lithini iBhayibheli ekhuluma – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ekhuluma

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ekhuluma

1 kaPetru 3 : 15 – 16
15 Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;
16 Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu.

KwabaseRoma 1 : 16
16 Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.

KwabaseRoma 10 : 9
9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.

KwabaseKolose 3 : 16
16 Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.

2 kuThimothewu 3 : 16
16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;

2 kwabaseKorinte 10 : 5
5 siwisa imicabango, nakho konke okuphakemeyo oziphakamisayo okuphambene nolwazi lukaNkulunkulu, sithumba yonke imicabango ekumlaleleni uKristu;

KumaHeberu 13 : 15
15 Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.

Kwabase-Efesu 5 : 1
1 Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo;

Kwabase-Efesu 5 : 19
19 nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;

EkaJokobe 5 : 13
13 Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.

Johane 6 : 67 – 71
67 Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?
68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
70 UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na?
71 Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *