Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ekhuleka
1 kwabaseThesalonika 5 : 17
17 Khulekani ningaphezi.
Johane 15 : 7
7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
KwabaseFilipi 4 : 6
6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
Luka 18 : 1
1 Wayesebatshela nomfanekiso wokuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali;
KwabaseRoma 8 : 26
26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
Mathewu 6 : 6
6 Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
Kwabase-Efesu 6 : 18
18 ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;
Mathewu 6 : 7
7 Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
KumaHeberu 4 : 16
16 Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
Marku 9 : 29
29 Wathi kubo: Loluhlobo alunakuphuma ngalutho, kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla.
1 kuThimothewu 2 : 8
8 Ngakho-ke ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, ngaphandle kolaka nokungabaza.
1 kwabaseKorinte 14 : 15
15 Kuyini pho? ngiyakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi, ngihube ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
UEksodusi 14 : 14
14 UJehova uyakunilwela, nina nithule;
IzEnzo 3 : 19 – 21
19 Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;
20 Iyakuthuma uJesu Kristu owashunyayelwa kini ngaphambili;
21 omelwe ukumamukela izulu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu azikhulumayo ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele bonke kusukela kwaphakade.
1 kuThimothewu 2 : 1 – 2
1 Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke;
2 Ngeyamakhosi, nakubo bonke abakhulu; ukuze siphile impilo ezolileyo lenokuthula kukho konke ukuhlonipha uNkulunkulu lobuqotho.
Leave a Reply