Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eKhesariya
IzEnzo 8 : 40
40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.
IzEnzo 21 : 8
8 Ngangomuso sasuka, safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa; wahlala laye.
IzEnzo 10 : 1
1 Kwakukhona eKesariya indoda ethile, uKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa ibutho lamaNtaliyane,
IzEnzo 10 : 24
24 Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindile, esebizele ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze.
IzEnzo 12 : 23
23 Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.
IzEnzo 23 : 24
24 nilungisele nezilwane, ukuze bamkhwelise uPawulu, bamyise kuFeliksi umbusi ephephile.
IzEnzo 9 : 30
30 Abazalwane sebekwazi bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.
IzEnzo 23 : 35
35 Wathi ngizakuzwa, nxa abamangaleli bakho sebefikile. Wayala ukuba agcinwe endlini yokwahlulela kaHerode.
Leave a Reply