Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eJudiya
Mathewu 4 : 25
25 Kwamlandela izixuku eziningi zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.
Luka 5 : 17
17 Kwathi ngolunye usuku efundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma kuyo yonke imizi yaseGalile, naseJudiya, naseJerusalema, namandla eNkosi. Khona ukubaphulukisa.
Johane 4 : 47
47 Lathi selizwile ukuthi uJesu usefikile eGalili evela eJudiya, laya kuye, lamncenga ukuthi ehle, asilise indodana yakhe, ngoba yayisigulela ukufa.
Johane 4 : 54
54 Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza ephuma eJudiya, efika eGalile.
Luka 1 : 5
5 Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe linguZakariya, owesigaba sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe kungu-Elisabethe.
Mathewu 19 : 1
1 Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani;
Marku 10 : 1
1 Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela.
Luka 23 : 5
5 Baqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqala eGalile waze wafika lapha.
UJoshuwa 15 : 6
6 umkhawulo wenyuka waya eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Haraba; intambo ikhuphukele etsheni likaBohani indodana kaRubeni.
UJoshuwa 15 : 61
61 Ehlane, iBetaraba, iMidin, neSekaka,
UJoshuwa 18 : 22
22 neBeti Raba, neShemaraimi, neBethele,
Mathewu 3 : 1
1 Ngalezo zinsuku kwafika uJohane uMbhapathizi, eshumayela ehlane laseJudiya,
Luka 3 : 3
3 Weza ezweni lonke laseJordani, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono;
Leave a Reply