Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehlekisa ngabantu
2 Amakhosi 2 : 23 – 24
23 Wasesenyuka esuka lapho waya eBhetheli; kwathi esendleleni, kwaphuma abantwana abancane bomuzi, bamklolodela, bathi kuye: Yenyuka, mpandlandini; khuphuka, khanda elinempandla.
24 Waphenduka wababheka, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwavela amabhere amabili ezinsikazi ehlathini, azala abantwana abangamashumi amane nambili.
Kwabase-Efesu 5 : 4
4 namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga.
Mathewu 6 : 1 – 3
1 Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.
2 Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
3 Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene;
Leave a Reply