Lithini iBhayibheli ehlala esonweni – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ehlala esonweni

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehlala esonweni

1 kwabaseKorinte 6 : 18 – 20
18 Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
19 Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
20 Ngokuba nathengwa ngenani;

1 kwabaseKorinte 6 : 9 – 11
9 Anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa: nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nabesilisa abalalanayo, nabesilisa abalalanayo,
10 Namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
11 Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.

KwabaseGalathiya 5 : 16 – 18
16 Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya ukhanuka okuphambene nenyama; lezi zinto ziphambene, ukuze ningenzi enikuthandayo.
18 Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.

KwabaseRoma 8 : 7
7 Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu, ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi kungekwenzeki.

1 kwabaseKorinte 10 : 13
13 Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *