Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ego
KwabaseFilipi 2 : 1 – 10
1 Ngakho uba kukhona induduzo kuKristu, uba kukhona induduzo yothando, uba kukhona inhlanganyelo kaMoya, uba kukhona isifuba lesihawu,
2 Gcwalisani intokozo yami, ukuze nibe nhliziyonye, ninothando olufanayo, nibe nhliziyonye, nengqondo munye.
3 Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.
4 Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye.
5 Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu;
6 owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga;
7 Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu;
8 efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
9 Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke;
10 ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba;
Johane 5 : 30
30 Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.
Johane 5 : 31
31 Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuloqiniso.
2 IziKronike 36 : 9 – 18
9 UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku eziyishumi eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova.
10 Lapho umnyaka usuphelile, inkosi uNebukadinesari yathumela yamyisa eBhabhiloni kanye nezitsha ezinhle zendlu kaJehova, yabeka umfowabo uZedekiya inkosi kwaJuda naseJerusalema.
11 USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema;
12 Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe, akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi owakhuluma ngomlomo kaJehova.
13 Naye wahlubuka enkosini uNebukadinesari, eyamfungisa uNkulunkulu;
14 Ngaphezu kwalokho, bonke abapristi abakhulu nabantu baphambuka kakhulu ngokwazo zonke izinengiso zabezizwe; wangcolisa indlu kaJehova abeyingcwelisile eJerusalema.
15 UJehova, uNkulunkulu wawoyise, wathuma kubo ngezithunywa zakhe, wathuma ngesikhathi; ngokuba wayehawukele abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;
16 Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.
17 Ngakho wabehlisela inkosi yamaKhaladiya eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yendlu yabo engcwele, futhi ayizange ihawukele insizwa noma intombi, ixhegu noma okhothama ngenxa yobudala. Akahambanga; wabanika bonke esandleni sakhe.
18 Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo; konke lokhu wakuyisa eBabele.
Marku 10 : 17 – 18
17 Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade?
18 UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
KwabaseKolose 4 : 6
6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
Johane 8 : 28
28 Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.
Johane 10 : 29
29 UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; futhi akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
Luka 10 : 16
16 Ya le utlwang o a nkutlwa; mme ya le nyatsang, o a nyedisa nna; mme ya nnyatsang, o nyedisa ya nthomileng.
U-Isaya 42 : 8
8 NginguJehova, yilo igama lami; angiyikunika omunye udumo lwami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
Johane 14 : 28
28 Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami.
KwabaseRoma 8 : 34
34 Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.
Johane 14 : 1
1 Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.
Leave a Reply