Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Efroni
UGenesise 23 : 17
17 Insimu ka-Efroni eyayiseMagiphela ngaphambi kweMamre kanye nomhume, zonke izihlahla ezazikuyo yonke imikhawulo nxazonke zazigadiwe.
UGenesise 25 : 9
9 Amadodana akhe o-Isaka no-Ishmayeli bammbela emhumeni waseMakaphela ensimini ka-Efroni indodana kaSohari umHeti ephambi kweMamre;
UGenesise 49 : 30
30 emhumeni osensimini yaseMakaphela ephambi kweMamre ezweni laseKhanani, u-Abrahama awuthenga kanye nensimu ka-Efroni umHeti, ukuba kube yindawo yethuna.
UGenesise 50 : 13
13 Amadodana akhe amngenisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wensimu yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nezwe, kube yindawo yethuna lika-Efroni umHeti phambi kweMamre.
UJoshuwa 15 : 9
9 Umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo waphuma waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi.
Leave a Reply