Lithini iBhayibheli eFenike – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eFenike

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eFenike

UGenesise 10 : 15
15 UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,

UGenesise 10 : 19
19 Umkhawulo wamaKhanani wasuka eSidoni, wasinga eGerari, waya eGaza; ekuhambeni kwakho, eSodoma, naseGomora, nase-Adima, naseSeboyimi, naseLasha.

Abahluleli 18 : 7
7 Asuka amadoda ayisihlanu, afika eLayishi, abona abantu ababekulo ukuthi babehlezi ngokulondeka njengamaSidoni, benokuthula, belondekile; futhi kwakungekho mantshi ezweni owayengabahlazisa kunoma iyiphi indaba; babekude nabaseSidoni, bengahlangene namuntu.

UHezekeli 32 : 30
30 Kukhona izikhulu zasenyakatho, zonke, nabo bonke abaseSidoni abehla nababuleweyo; ngokwesaba kwabo bajabhile ngamandla abo; balele bengasokile nababulewe ngenkemba, bathwele ihlazo labo kanye nabehlela egodini.

Marku 3 : 8
8 naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani; nangaseTire naseSidoni, isixuku esikhulu, sesizwile ukuthi kukhulu akwenzayo, seza kuye.

IzEnzo 15 : 3
3 Sebephelekezelwe libandla, badabula iFenike neSamariya, belandisa ukuphenduka kwabezizwe; baletha intokozo enkulu kubo bonke abazalwane.

IzEnzo 21 : 4
4 Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi kuPawulu ngoMoya angenyukeli eJerusalema.

IzEnzo 27 : 3
3 Ngangomuso safika eSidoni; UJuliyu waphatha uPawulu ngobubele, wamvumela ukuba aye kubangane bakhe, athole usizo.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *