Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo efakaza
Amahubo 66 : 16
16 Wozani nizwe nina nonke enimesabayo uNkulunkulu, ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
Amahubo 40 : 9 – 10
9 Ngashumayela ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizibambanga izindebe zami, Jehova, wena uyakwazi.
10 Ukulunga kwakho angikufihlanga enhliziyweni yami; Ngikwazisile ukuthembeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlanga ebandleni elikhulu.
Amahubo 107 : 1 – 2
1 Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Basho kanje abahlengiweyo bakaJehova abahlengileyo esandleni sesitha;
KwabaseRoma 10 : 17
17 Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.
Leave a Reply