Lithini iBhayibheli eduduzayo – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eduduzayo

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eduduzayo

KwabaseRoma 12 : 15
15 Jabulani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.

KwabaseRoma 15 : 13
13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

2 kwabaseKorinte 1 : 3 – 4
3 Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, noNkulunkulu wenduduzo yonke;
4 osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu.

U-Isaya 44 : 24
24 Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, owakubumba kwasesiswini sikanina: NginguJehova owenza konke; owelula isibhakabhaka yedwa; okuyiyona yodwa eyandisa umhlaba;

1 kwabaseThesalonika 4 : 13 – 18
13 Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.
14 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.
15 Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo.
16 Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
17 Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
18 Ngakho duduzanani ngalawamazwi.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *