Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ecela intethelelo
KwabaseRoma 12 : 20
20 Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso.
1 kaJohane 1 : 9
9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Izaga zikaSolomoni 28 : 13
13 Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.
Mathewu 12 : 36
36 Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
Leave a Reply