Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ebambe igqubu
Kwabase-Efesu 4 : 32
32 Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.
Luka 17 : 3 – 4
3 Ziqapheleni nina; uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.
4 Futhi uma ona kuwe kasikhombisa ngosuku, abuye kuwe kasikhombisa ngosuku, ethi: Ngiyaphenduka; umthethelele.
Mathewu 6 : 14 – 15
14 Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani;
15 Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
Marku 11 : 25
25 Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
ULevitikusi 19 : 18
18 Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.
EkaJokobe 1 : 19 – 20
19 Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;
20 Ngokuba ulaka lomuntu alukwenzi ukulunga kukaNkulunkulu.
Kwabase-Efesu 4 : 26
26 Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.
Leave a Reply