Lithini iBhayibheli E-Asia – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana E-Asia

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo E-Asia

IzEnzo 2 : 9
9 amaPhathiya, namaMede, namaElamu, nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya, naseKaphadosiya, ePontu, nase-Asiya,

IzEnzo 21 : 27
27 Kwathi sezizaphela lezonsuku eziyisikhombisa, abaJuda beAsiya, bembona ethempelini, badunga ixuku lonke, bambamba;

IzEnzo 24 : 18
18 Kulokho abaJuda abathile base-Asiya bangifumana ethempelini ngihlanjululwe, kungelasixuku noma nginesiyaluyalu.

IzEnzo 16 : 6
6 Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;

IzEnzo 20 : 4
4 Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu.

IzEnzo 20 : 16
16 Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya;

1 kwabaseKorinte 16 : 19
19 Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akwila noPrisila bayakhonza kini kakhulu eNkosini kanye nebandla elisendlini yabo.

IsAmbulo 1 : 4
4 UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;

IsAmbulo 1 : 11
11 esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *