Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo E-Antiyokiya
IzEnzo 11 : 30
30 Bakwenza-ke lokho, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.
IzEnzo 13 : 1
1 Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.
IzEnzo 14 : 27
27 Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.
IzEnzo 14 : 28
28 Bahlala khona isikhathi eside nabafundi.
IzEnzo 15 : 35
35 OPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya befundisa, beshumayela izwi leNkosi, kanye nabanye abaningi.
KwabaseGalathiya 2 : 15
15 Thina esingabaJuda ngemvelo, singezona izoni kwabezizwe;
IzEnzo 13 : 52
52 Kepha abafundi bagcwala intokozo nangoMoya oNgcwele.
2 kuThimothewu 3 : 11
11 Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.
IzEnzo 14 : 22
22 beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
IzEnzo 18 : 22
22 Esefikile eKesariya, wenyuka wayobingelela ibandla, wehlela e-Antiyokiya.
Leave a Reply