Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Cedron
1 Amakhosi 2 : 37
37 Ngokuba mhla uphuma, udabula umfudlana iKidroni, uyakwazi nokwazi ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba phezu kwekhanda lakho.
UNehemiya 2 : 15
15 Khona-ke ngenyuka emfuleni ebusuku, ngabheka odongeni, ngaphenduka, ngangena ngesango lesigodi, ngaphindela emuva.
UJeremiya 31 : 40
40 Sonke isigodi sezidumbu nesomlotha, nawo wonke amasimu kuze kube semfuleni iKidroni, kuze kufike ekhoneni leSango Lamahhashi ngasempumalanga, kuyakuba ngcwele kuJehova; kayisoze yasitshulwa kumbe yadilizwa futhi.
1 Amakhosi 15 : 13
13 Futhi nonina uMaga, naye wasusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo esihlahleni; u-Asa wachitha isithombe sakhe, wasishisa emfudlaneni iKidroni.
2 Amakhosi 23 : 6
6 Yasikhipha isihlahla endlini kaJehova ngaphandle kweJerusalema, yasiyisa emfudlaneni iKidroni, yasishisa emfudlaneni iKidroni, yasichola saba luthuli, yasithela impuphu yaso emathuneni abantwana babantu.
2 Amakhosi 23 : 12
12 Ama-altare ayephezu kwekamelo eliphezulu lika-Ahazi abewenzile amakhosi akwaJuda, nama-altare uManase abewenzile emagcekeni omabili endlu kaJehova, inkosi yawadiliza, yawaphula. Basuka lapho baphonsa uthuli lwabo emfudlaneni iKidroni.
2 IziKronike 29 : 16
16 Abapristi bangena endlini kaJehova ukuba bayihlanze, baletha konke ukungcola abakufumana ethempelini likaJehova egcekeni lendlu kaJehova. AmaLevi akuthatha ukuba akukhiphele emfudlaneni iKidroni.
2 IziKronike 32 : 4
4 Kwabuthana abantu abaningi abavala yonke imithombo nomfudlana odabula izwe, bathi: “Kungani kufanele kufike amakhosi ase-Asiriya athole amanzi amaningi na?
Leave a Reply