Lithini iBhayibheli Bhalamu – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Bhalamu

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Bhalamu

UDuteronomi 23 : 4
4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe; nangokuba bakuqashela uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori eMesopotamiya ukuba akuqalekise.

UJoshuwa 13 : 22
22 UBileyamu indodana kaBeyori, umthakathi, wabulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwalabo ababulawa yibo.

UNumeri 24 : 9
9 Walala, walala phansi njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani ozamvusa? Ubusisiwe okubusisayo, uqalekisiwe okuqalekisayo.

2 kaPetru 2 : 16
16 Kodwa wasolwa ngobubi bakhe: ubabhemi oyisimungulu wakhuluma ngelizwi lomuntu wenqabela ukuhlanya komprofethi.

UNumeri 22 : 7
7 Abadala bakwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka ephethe umvuzo wokubhula esandleni sawo; zafika kuBileyamu, zakhuluma kuye amazwi kaBalaki.

UJoshuwa 24 : 9
9 UBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, wasukuma walwa no-Israyeli, wathumela wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise.

UNehemiya 13 : 2
2 Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

UMika 6 : 5
5 O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.

UNumeri 22 : 35
35 Ingelosi kaJehova yathi kuBileyamu: “Hamba namadoda; kodwa kuphela izwi engizolikhuluma kuwe, okufanele ulikhulume. UBileyamu wahamba nezikhulu zikaBalaki.

2 kaPetru 2 : 16
16 Kodwa wasolwa ngobubi bakhe: ubabhemi oyisimungulu wakhuluma ngelizwi lomuntu wenqabela ukuhlanya komprofethi.

UNumeri 31 : 16
16 Bheka, kwenza abantwana bakwa-Israyeli baphambuka kuJehova endabeni yasePeyori ngesiluleko sikaBileyamu, kwaba khona isifo phakathi kwebandla leNkosi.

IsAmbulo 2 : 15
15 Kanjalo nawe unababambisisa isifundiso samaNikolawu, into engiyizondayo.

2 kaPetru 2 : 15
15 abayishiyile indlela eqondileyo baduka belandela indlela kaBalami indodana kaBosori owathanda inkokhelo yokungalungi;

UNumeri 31 : 8
8 Babulala amakhosi akwaMidiyani, ngaphandle kwabaseleyo kwababuleweyo; okungukuthi u-Ewi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; UBileyamu indodana kaBeyori naye wababulala ngenkemba.

UJoshuwa 13 : 22
22 UBileyamu indodana kaBeyori, umthakathi, wabulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwalabo ababulawa yibo.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *