Lithini iBhayibheli bekhuleka ndawonye – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana bekhuleka ndawonye

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo bekhuleka ndawonye

Mathewu 18 : 20
20 Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.

Mathewu 18 : 19
19 Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini.

1 kwabaseThesalonika 5 : 11
11 Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.

2 IziKronike 7 : 14
14 Uma abantu bami, ababizwa ngegama lami, bezithoba, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi; khona ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

EkaJokobe 5 : 14 – 15
14 Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? makabize amalunga ebandla; kabakhuleke phezu kwakhe, bamgcobe ngamafutha ebizweni leNkosi.
15 Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; uma enzile izono, uyakuthethelelwa.

KwabaseKolose 4 : 2
2 Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga;

KwabaseRoma 15 : 5 – 6
5 Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nomqondo munye omunye komunye ngokukaKristu Jesu;
6 ukuze ngamlomo munye nikhazimulise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.

EkaJokobe 1 : 5
5 Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.

EkaJokobe 5 : 16
16 Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.

IzEnzo 2 : 42
42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.

KwabaseRoma 12 : 12
12 Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;

KwabaseKolose 3 : 16
16 Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.

Luka 9 : 28
28 Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku eziyisishiyagalombili, wathatha oPetru noJohane noJakobe, wakhuphukela entabeni ukuyokhuleka.

IzEnzo 2 : 1 – 47
1 Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye.
2 Kwathi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini njengowomoya ovunguza ngamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
3 Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo.
4 Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
5 Kwakuhlala eJerusalema abaJuda, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu.
6 Kwathi lo mdumo lo, ixuku labuthana, lasanganiseka, ngoba ngulowo lalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakibo.
7 Bamangala bonke, bamangala, bathi omunye komunye: “Bhekani, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
8 Futhi thina sizwa kanjani wonke umuntu ngolimi lwakithi esazalelwa kulo na?
9 amaPhathiya, namaMede, namaElamu, nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya, naseKaphadosiya, ePontu, nase-Asiya,
10 iFrigiya, lePhamfiliya, eGibhithe, lezingxenyeni zeLibhiya zeKhurene, labafokazi beRoma, abaJuda lamaproselithe,
11 AmaKrethe lama-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngendimi zethu imisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu.
12 Bamangala bonke, bangabaza, bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu na?
13 Abanye bamklolodela bathi: Lababantu bagcwele iwayini elitsha.
14 Kodwa uPetro wema labalitshumi lanye, waphakamisa ilizwi lakhe, wathi kubo: Madoda aJudiya, lani lonke elakhileyo eJerusalema, lokhu kakwaziwe kini, lilalele amazwi ami;
15 Ngokuba laba abadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini.
16 Kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngumprofethi uJoweli;
17 “Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;
18 Naphezu kwezinceku zami naphezu kwezincekukazi zami ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami; bayakuprofetha;
19 Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi, nomlilo, nentuthu yomusi;
20 Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo;
21 Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.
22 Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu;
23 yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;
24 uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.
25 Ngoba uDavida uthi ngaye: Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngoba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa;
26 Ngakho inhliziyo yami yathokoza, lolimi lwami lwathokoza; futhi nenyama yami iyohlala ethembeni;
27 Ngoba kawuyikutshiya umphefumulo wami esihogweni, njalo kawuyikunikela oNgcwele wakho ukuthi abone ukubola.
28 Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.
29 Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla.
30 Ngakho-ke engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi esithelweni sokhalo lwakhe ngokwenyama uzavusa uKristu ukuthi ahlale esihlalweni sakhe sobukhosi;
31 Ekubona ngaphambili wakhuluma ngokuvuka kukaKristu, ukuthi umphefumulo wakhe kawutshiywanga esihogweni, lenyama yakhe kayikubonanga ukubola.
32 LoJesu uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke.
33 Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.
34 Ngoba uDavida akenyukelanga emazulwini, kodwa yena uthi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami;
35 ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho.
36 Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni.
37 Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani?
38 UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
39 Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.
40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.
41 Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.
42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
43 Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.
44 Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto;
45 bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke.
46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.
47 Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

KwabaseRoma 8 : 28
28 Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.

Luka 1 : 37
37 Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *