Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo becula
Mathewu 6 : 7
7 Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
Kwabase-Efesu 5 : 6 – 12
6 Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
7 Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo.
8 Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya;
9 (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;)
10 nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.
11 Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.
12 Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma.
Leave a Reply