Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo bebongana
Johane 13 : 34 – 35
34 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
35 Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
1 kaJohane 4 : 8
8 Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando.
Johane 15 : 13
13 Akakho onothando olukhulu kunalolu, lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe.
2 kwabaseKorinte 10 : 5
5 siwisa imicabango, nakho konke okuphakemeyo oziphakamisayo okuphambene nolwazi lukaNkulunkulu, sithumba yonke imicabango ekumlaleleni uKristu;
Kwabase-Efesu 4 : 32
32 Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.
1 kaJohane 4 : 19
19 Thina siyamthanda, ngoba yena wasithanda kuqala.
Johane 15 : 3
3 Nina senihlambulukile ngezwi engilikhulume kini.
Marku 9 : 7
7 Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;
Mathewu 24 : 45 – 51
45 Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
46 Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo.
47 Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.
48 Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika;
49 uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa;
50 Inkosi yaleyonceku izafika ngosuku engayibheki ngayo, langehola engasiloyo.
51 Iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.
Johane 15 : 5
5 Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
IzEnzo 16 : 31
31 Basebesithi: Kholwa yiNkosi uJesu, njalo uzasindiswa wena lendlu yakho.
1 kaPetru 3 : 15
15 Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;
Leave a Reply