Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Azeka
UJoshuwa 10 : 11
11 Kwathi besabaleka phambi kuka-Israyeli besendleleni eya eBeti Horoni, uJehova waphonsa phezu kwabo amatshe amakhulu avela ezulwini kwaze kwaba se-Azeka, bafa; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngenkemba.
UJoshuwa 15 : 35
35 noJarimuthi no-Adulamu, noSogo no-Aseka,
1 Samuweli 17 : 1
1 AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe, abuthana eSogo lakwaJuda, amisa phakathi kweSogo ne-Azeka e-Efesu-Damimi.
2 IziKronike 11 : 9
9 no-Adoraim, neLakishi, no-Aseka,
UNehemiya 11 : 30
30 iSanowa, i-Adulamu lemizana yayo, iLagishi lamasimu ayo, iAzeka lemizana yayo. Bahlala kusukela eBeri Sheba kuze kube sesigodini sikaHinomu.
UJeremiya 34 : 7
7 Lapho impi yenkosi yaseBhabhiloni ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eyayisele, neLakishi ne-Azeka, ngoba le mizi eyinqaba yayisele emizini yakwaJuda.
Leave a Reply